azlyrics.biz
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

big zulu – ungqongqoshe wongqongqoshe lyrics

Loading...

[intro]
eh, zinkabi neynkabikazi
nawu lofifty eningicele wona
anganzi noma ufifty ke kodwa nom’ ubani
kodwa nje hhayi ngizamazamile impela nami
ngathi akengithi uk’gxoba kancane
ngikhulume amagama shwele!

[verse 1]
anithule tu! bafana kukhulume longqongqoshe
ungqongqoshe wongqongqoshe
ungqongqoshe ophatha abongqongqoshe
sikhule s’gobhoza sichith igazi ikhon yegobhoza
umnyango ngiyawukhahlela ngidons’ iak umangifun’ ukungqongqoza

[verse 2]
o.k. asiqale lana ngizovele ngihlal’ endabeni
hhayi ngoba ngiyazonda inkinga kuningi okusesfubeni
kunini nithi niyavuka kuphele ten years embhedeni
kodwa uma kukhon’ onenkinga iyeza iaddress ekugcineni
bengizobiz’ amagama niyashesh’ uk’catcher amafeelings
ninezifo zeslungu nizozwa sek’thiwa ninodepression
sibonge sho madjozi ilimpopo inebet
uriky rick unovaselina
uma utrepha uphashiswa yini?
[verse 3]
ubogawula ubheke insimbi iphambana nesphongo
sakhula ngoshuni ibeat lisang+yibanga inzondo
bhasobha skinny jean ubrentwood udliwa amajongo
ufun ibeef ungalusanga ngibiz uzodwa ubon inkomo
isingle yam ezayo ngithe nginiphathel’ umufasa
inkunzi esimalunda+lunda ibhubesi ekade bel’hlaba
ngizorepha phez’ kwetrack nginibonise ikhono likangaka
nina all you need is love dlalani iz’ngoma zikasjava

[bridge]
kade ngibabhekile nje mina ngithule ng’yabuka
siland’ isidlekile lebeef zilokh’ ziyayfuna
inkabi sil’dekile lelitafula zadla zaphuma
zogcina ngokukhonkotha lezinja ayikho ezoluma

[verse 4]
bengicela ukulungisa kungaze kuthiwe ngidiss usjava
indlalifa umfowethu siphuz’ uthukela ukhahlamba
angisoze ngikwenze lokho ngithul’ isgqoko nje my brother
inkabi isinexenophobia inok’shaya abantu bok’hamba

[verse 5]
bafana niyaphaphalaza
ngifika neynkabi zami
loshuni uyan’hlambalaza
hhay’ suka angidlal nani
ning+y’mela le? nikhala kabi
hhayi nxa ang’gcwali ngani
anibobuz’ umampintsha uza ngodumo ngiyayshaya into yakho!
[verse 6]
kzomele nihlukanise phakathi kok’repha nok’trepha
kodwa ngeke nihlukanise phakathi kok’trepha nok’debha
kuzomele uhlukanise ngifeature ucassper nokwesta
akeskhohlwe amajournalist elam iphepha linomandela
ubokhulum ubheke lana ukhuluma nomphathi
umphathi wenkabi records, iceo eish bengingazi
wosondoz’ idemo ngiyolilalela umangineskhathi
kodwa angifuni [?] kakhulu ngoba asiykhokh’ iovertime

[verse 7]
ukuthath’ iaward kw+ngithusa
nasebrentwood ngilinxusa
yilomrepha onebonga akekho omunye onje ngelusa
nak+maskandi bavuma sihlula abashubhel’ iskhumba
inkinga nithanda uk’lala emini kanti niyashesha nok’phupha

[verse 8]
ngiyazi ukuthi bengithembisile ukuthi ngizonishiyela ikheli
nacabang’ ukhumalo, cha bengith’ ikheli
niyatrepha niyadebha abanye bas’phoxa kusway
senibaning enimile iympiko ngathi islogan seplay

[verse 9]
kuthiwa abashiy inamba, cha lutho abapopi
usumanxebanxeba loshuni kodwa abawkhoni
indoda engaziwa egubh’ umgodi kodwa aw’shoni
kuthiwa kunesandla sesthathu ngiza nes’sodwa like black coffee
[verse 10]
‘nkabi neynkabikazi akesibasusel’ impi yegodi
ushuni wenkabi inkani sihlukanise lab’odoti
ubani owathi ayihlome? eyakwethu ke uphondo ayigobi
but inkabi ayina air play yebo angiphaphi angiyona inyoni

[verse 11]
angisho ukuthi ngithini kodwa bafana angisaboni
ithini inkabi uzakwe stogiet mina ang’sakhoni
yashonaphi irap kukhon itrap inja ayisachomi
ngikhule ngotumi from the view
ufike izolo waz’ ustogie…

[verse 12]
‘nkabi neynkabikazi kwathula
ngithi ukhona ophakamayo? shh
ngith’ ukhona osuk+mayo?
ungqongqoshe wongqongqoshe
ngith ukhona okhulumayo?
inkabi ibulala amadoda ungangtsheli ngokelly khumalo

[verse 13]
safika kunezinja irap isiphethwe amakati
sithule nje siyabuka odude bazbiza ngeynkabi
khohlwani bafana inkabi ayidlali ipillow fight
ngoba niphenduka abafazi nibona iphenti k+ma los gat

[verse 14]
umphathi woshuni bafana ilomrepha webhinca
ongena kukikiz’ imabhida
zidl ibrentwood ziyagiya
‘nkabi neynkabikazi suka muva likholwa yizagila
ngijaiva ithuso phala buka isandla ngiyababiza

[verse 15]
ok sekunjalo ithi nginishiyele iadress
dab dab skrr skrr sekunjalo
twenty one seventy five nkabi records
dab dab ushuni wenkabi bhabhayi

[outro]
eyi
shwele inkabi ayizondi
idla nazo kodwa ziyhlaba
unogwaja odla nezinja
umahlek’ ebulawa
usoka leyntombi zasenkabi record
ophatha elinentambo ibhodlela
noma kushoniwe liyadliwa udoko shwele
ungqongqoshe wongqongqoshe
umphathi wongqongqoshe
umlomo ongaceli lutho
siyakhuluma nje ngoba
khona iynkabi neynkabikazi shwele



Random Lyrics

HOT LYRICS

Loading...