azlyrics.biz
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

caponit - untwana lyrics

Loading...

verse
phela lento iqale izolo/
bes’blome sonke naye untwana izolo/
wasondela wathi mfana ng’cela ung’hlanganise izolo/
ngathi ntwana kwenze njani?
wathi mfana ungasa buzi/
angithi uyazi ukuthi mina
ng’hlezi ngiz’bambeli inkuzi/

njengo mngani nga suk+ma
ngafaki sandla epokothweni/
ngadonsi klipa ngathi lena
eyok’gcina… as’phume kanje boy/
sa jumper fast sa+doublabha
nge passage untwana wathi
mfana as’phume kanje ukuze
nathi sish+sh+ s’fike/

lana endleleni ubusy
ung’xoxela les’ story/
ukuthi yena nomngani wakhe
k+ma lento abayenzi zolo/
ngathi boy kwenzakaleni?
wathi mfana nami angazi
into еngak’tshela yona ukuthi
kunalo muntu esimbulelе/
lapho beng’cala uk+mbona
aphumi nyembezi/
ngokuzi sola wathi mfana
imhlupheko… nami angizenzi/
lana ng’phandeli family/
even though bangang’ fateli/
phela mina ngis’gebengu/
ngapha ng’xabana me mady/ (eish)

naye wabona lento azange ing’phathe
kahle phela lena i+awthi yami
nase sgela bes’phila sonke/
ukhula kwethu bekunzima le+crime
say’qala sonke nga+decider ukushintshi
impilo but still bes’bloma sonke naye/

anyway…
masithi sijukela nge+corner/
kwaqhamuka umngani
wakhe egijima… agcweli gazi/
wathi ntwana sek’shubile labantu
bafuna thina/
ngase ng’bon untwana a+jumper
ama fence…. kwasala mina (eish…)

verse 2
kwa bika ivan kwehla
amadoda amathathu/
phela lezi zingang’bhodisa
seng’bona lena nge+tattoo/
oyi+one w+ngi bamba isandla
lomunye w+ng’faki bhathu/
ngisathi ng’vula umlomo
kwakhala inqindi kwa+shifta umhlathi/

ngawela phansi ngezwa
ukuthi sengiba dizzy manje/
as long basang’thela ngenduku
ngizovele ng’shone manje/
ngashaya umthandazo omcane
baba ngiyaku dinga manje/
i+skipa engis’ gqokile esim’hlophe
ses’gcwele igazi manje/

eqinisweni nami angazi kwenzekeni/
mina ngikhumbhula nje seng’vula
mehlo ngilele embhedeni/
nosizi ol’gcwele mehlweni/
ne+pipe el’phuma emlomeni/
ngapha ng’didekile bang’faki
nsimbi lana enyaweni/(bheka)
umama vele dala angikhuza
ng+ye untwana mara azange
ngimamele bheka seng’cishe
ngashona so+bheka seng’gcwele
iilonda amanxeba ngathi angaphola
manje k’phuma lenyembezi k+manje
ngoba ngiyaz’sola/

ngezwa “sho mfana!”
mang’phakamisa ikhanda lami
ngabona yena untwana/
wathi ng’zele ukuzoxolisa
manje sengiya vaya/
and i hope sizohlangana
sho ngelinye ilanga/
mhlambhe nge linye ilanga/…

ngathola i+story ukuthi
untwana azange asinde/
babathola ne mpinji yake
same day nge skhathi kushay’wa mina/
bathi washona kabuhlungu
nge+tatera elila/….
bam’thathela umphefumulo
ne themba lokugcina/….



Random Lyrics

HOT LYRICS

Loading...