nxumalo nkosingiphile - abantu laba lyrics
Loading...
abantu laba, ubobasaba
ngane kayise, ukuzuza kwakho izwe kuyize
lenhliziyo obapha yona soze bayibuyise
uyakhumbula nakuwe kukubi kepha umatanise uzame ubasize
‘ungumfwethu wena kanti wena ungudadewethu’, ubateketise amagama uwaphimise
bajabule baze bakhohlwe nawusizi
bakukhumbule njalo mhla kufika usizi
lufike nakuwe mtakababa baqale indaba bayivale ngezaba
abantu laba, ubobasaba
yibo laba akade bekukhumbule izolo kungelula
maqede kulunge bakukhohlwe kalula
kodwa nawe ilamandla akho!
okunaka izidingo zabo ukhohlwe ezakho!
unjalo nje unenhliziyo ebunene kusasa nje uzobe usubaxolele
baphinde futhi bakukhalele
abanye uze ubasize bengazange bakucele
lamandla akho ayize leze
uwedwa manje
abantu laba
Random Lyrics
- tech n9ne - sho nuff lyrics
- idem - remix lyrics
- utopia - baby doll lyrics
- prkr - bank account (p-mix) lyrics
- rage in my eyes - inner fate lyrics
- yun mufasa - paid off lyrics
- icarus - flowers lyrics
- execute - anhörung v2 lyrics
- dawn ray'd - strident voices lyrics
- ingrid st-pierre - collée sur tes papilles lyrics