nxumalo nkosingiphile - ipholela ezandleni lyrics
sake sayibamba nathi, ipholela ezandleni
sake sakhala nathi
zake zasidida nathi izinduku ohambweni
sake satshala nathi sangavuna ekugcineni
bake basincoma nathi saziphakamisa
impilo-ke le ngokuhamba kwesikhathi yasithobisa
basithembisa izulu besikhohlisa savuma nathi
kuze kube yinamuhla-ke sisakhala nathi
sake saqinisela nathi sihamba nokufa
sahleka kwavela elomhlathi ngaphakathi sigula
sake sazivalela egumbini sakhala kakhulu… singenakubonwa ngumuntu
sake sabona sengathi isikhathi siyasishiya
lempilo le! kw-ngathi-ke iyasihlula ukuyiphila
kwake kwaba sengathi ukuphila akukho lula
sake sakuzonda nathi ukukhula
kwake kwasihlula ukukhuluma, sancamela ukuthula
namuhla-ke kuyinamuhla sisakhala nathi
sake sayibamba nathi ipholela ezandleni
yazi, phela nami ezinye izinqumo engizithathile zingikhalisile
zingihambisile ikhaya ngilishiyile
kodwa-ke zingifundisile
zingikhombisile ukuthi phezu komhlabathi kuphakathi kokuthi, uwutho noma, awuyilutho
nani-ke ningakhali mabutho
lezinhlungu eniy’zwayo ngaphakathi zibhaleni phansi k-mhlabathi
lokhu enikuzwayo ngaphakathi umuzwa odlulayo ngokuhamba kwesikhathi
ningakhali nina nganezobaba vele nikhule ningenabo obaba
ningafeli ngaphakathi anokhuluma unizwe umhlaba
ningakhali vele nina nikhule ningenabo obaba ohh… nganezobaba kwathi angithi bukani ukusithela kwelanga kulez’ya ntaba
thumani lona lelolanga ukuthi linikhonzele emakhaya
makufika ub-mnyama anojabula vele lelo ibala lenu
lendlela vele ayikho lula kodwa… lona umhlaba wenu
sake sayibamba nathi, ipholela ezandleni
sake sakhala nathi
zake zasidida nathi izinduku ohambweni
sake satshala nathi sangavuna ekugcineni
Random Lyrics
- horse feathers - dead end thanks lyrics
- celldweller - switchback [neuroticfish remix] lyrics
- dorian electra - vip lyrics
- lo the music man - sapphire lyrics
- achey - yang terindah lyrics
- why cue - drippin' lyrics
- sonny - vuitton lyrics
- hewra - tonie majami (luzkan remix) lyrics
- slimka - diego lyrics
- jake palumbo - wolf of 30th street lyrics