congress musicfactory – akubenjalo (umkhuleko) lyrics
akubenjalo (umkhuleko)
igama elithi ‘amen’ lichaza ukuthi ‘akubenjalo’. akubenjalo. amen. siphakamisa izandla zethu kuwe, siyakubusisa. siyakuhlonipha. siyakudumisa. simi ebukhoneni bakho siyakudumisa. siyakubonga ngokuba unkulunkulu omuhle nenkosi ethembekile. osesihole iminyaka ngeminyaka, elokhu esiholela endleleni eyiyo esiqhubezela phambili ekusaseni elibikezelwe. sibusisa igama lakho. sinike amandla athe thuthu ukwenza intando yakho. sinike amandla athe thuthu ezizweni zomhlaba. siphe igunya elingenamkhawulo ukuze sikukhazimulise; ukuze sikuhloniphe sikuphakamise, ukuze izizwe zonke zikwazi ukuthi ungunkulunkulu wezulu, inkosi yakho konke umdali wabantu bonke. akuthi bonke abantu bakwazi ukuthi ungubani; ukuthi umangalisa kangakanani, ubabazeka kangakanani. siphe umusa wokukwazisa nokukuphakamisa; nokukuhlonipha kukho konke esikwenzayo
Random Lyrics
- troy and eli – famous pt. ii lyrics
- kulprit d – go hard lyrics
- aquila – уйду (i’ll leave) lyrics
- dance dj – limbo lyrics
- plamen sivov – the art of distant objects lyrics
- a banda mais bonita da cidade – terminei indo lyrics
- the sunset sleeps – maybe lyrics
- bknitts – allequash lyrics
- dee-1 – the vibe lyrics
- simion luca – too much love will kill you lyrics